Noma kuwumkhuba omuhle, ukuchitha izimali ezishisiwe nokumosha sekuphenduke umchilo wesidwaba kulemicimbi. Okuphawulekayo okuhlobene nokumosheka kokudla kuyamangaza, ngesikhathi iningi labantu abasizungezile behlala ngaphandle kokondleka.
I Quran ithi: ‘’ Yidlani nibuye niphuze, kepha ningamoshi. Ngempela Yena [u Allah ] akabathandi labo abamoshayo.’’ [ Surah Araf ]
Kwelinye ivesi i Quran ibika ukuthi: ‘’ Ngempela, labo abamoshayo bangabafowabo bama Shayateen.’’ [ Surah Isra ]
Kulemicimbi kumele sichabe amathambo engqondo ngalabo abangenalutho sigweme ukumosha nokusaphaza.
Okulandelayo ngeminye yemibono:
. Musa ukumosha ukudla ngesikhathi sokulungisa ukudla, ngesikhathi ukuthenga kumbe uma kunguwe omeme abantu.
. Phaka isikalo sokudla ozokwazi ukukudla ukuqede kuphela.
. Ungasigcwalisi isitsha sakho bese ingxenye yaso uyayichitha – lokho kuphambene ne Sunnah yokudla.
. Ukudla okusalile kumele kupakishwe ngendlela bese kunikezelwa kulabo abazokujabulela.
. Thakasela izibusiso zika Allah Ta’ala ugweme ukumosha ngawo wonke amandla akho.