Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

6 WEZINSUKU ZOKUZILA KU SHAWWAL (6 FASTS OF SHAWWAL)

U Hazrat Abu Ayoob Ansari ra uyabika ukuthi uRasulullah SAW wathi : ‘’ Lowo oqeda ukuzila kwenyanga ya Ramadan bese ethasisela kuzo ukuzila kwezinsuku eziyisi 6 enyangeni ka Shawwal, kuyothwala umvuzo wokuzila unyaka wonke.’’ [Sahih Muslim]

Masibheka ukuthi okungenani kunomvuzo ophindaphindwe kali 10 kuso sonke isbusiso ngalenyanga, izinsuku ezingama 30 zika Ramadan zizolingana nokuzila izinsuku ezongama 300 – izinyanga ezili 10 lezo. Ukuzila izinsuku eziyisi 6 ku Shawwal kube sekuthathwa njengokuzila izinsuku ezingama 60 – izinyanga ezi 2 lezo. Lokho-ke kube sekulethela lowo ozilile izibusiso zokuzila unyaka ogcwele. Lowo owenza lokhu minyaka yonke, afane nomuntu ozila impilo yakhe yonke.

Noma kuwukuvontiya ngokwendalo, umvuzo walomzamo mkhulu kabi. Lezi zinsuku ungazizila zilandelana noma uzigqagqanise inqobo nje uma iyothi iphela inyanga ka Shawwal, nazo zibe seziziliwe zaphelela.

Eminye yemivuzo yokugcina ukuzila lezinsuku eziyisithupha zenyanga ka Shawwal yiko ukuthi zikhokhela amaphutha noma ukuphazamiseka okwenzeke ekuzileni okuwumgomo. Kuwuphawu lokwamukeleka kokuzila komuntu ngo Ramadan nophawu lokuzibophezela ekuqhubekeni nezenzo ezinhle.

Login to post comments

Nisab

16/04/2026 08:00

- Mahr Fathimi: R64 619
- Minimum Mahr: R1 292
- Zakaat Nisab: R25 848
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com

Banking Details

Bank: FNB
Acount Name: Darul Ihsan
Branch: 220329 (Tongaat)
Lillah: 62130045398
Zakaat: 62130044910