I-Kur’an kanye ne-Haadith ziyakugcizelela ukubaluleka kwesifundo ngenhlonipho. Ikhaya nekhaya kufanele lenze imizamo ukuthi amalunga onke emndenini akhombise izinga eliphezulu lenhlonipho kwizenzo zabo nase kukhulumeni kwabo, ngazo zonke izikhathi. Uma ukhombisa inhlonipho nawe uzothola ukuhlonishwa.
U-Mophrofethi u-Muhammad, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, wayeyigcizelela kakhulu indaba yenhlonipho kubalandeli bakhe ezikhathini eziningi. Enye yezisho zakhe ezidumile ilesi, “Lowo phakathi kwethu ongakunaki ukuhlonipha abadala bethu futhi akanasihe kubantu abasebasha nabancane, lowo muntu akayona inxenye yethu.” Esinye sezisho zika-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, sithi, “Umuntu okhombisa inhlonipho kwi-Muslim eselikhulile ngeminyaka, futhi ohlonipha lowo omumatha umbhalo we-Kur’an yonke kuye [Haafiz], nongadluli kumkhawulo obekiwe, konke lokhu kuwuphawu lomuntu ohloniphayo nomesabayo u-Allah.”
Lokhu okulandelayo kwiyizimpawu zenhlonipho:
• Ukukhombisa inhlonipho kwi-Kur’an.
• Ogcine umbhalo we-Kur’an wonke ekhanda lakhe [Haafizul Qur’an].
• Ukusukuma ume umukela umuntu omdala.
• Ukunika ithuba umuntu omdala ukuthi akhulume kuqala.
• Ukukhombisa inhlonipho kwisifundiswa kwi-Islam [Aalim ul-Deen].
• Ukukhombisa inhlonipho kwi-Muslim elinezinwele eseziphenduke zabamhlophe ngombala, i-Muslim eselikhulile ngeminyaka.
Lezisho zesi-Arab ezilandelayo zinemba kahle ekubalulekeni kwenhlonipho kumuntu: “Intandane akuyena umuntu ongenabazali, kepha intandane ilowo ongenalwazi futhi ongenanhlonipho nakuzithiba [no respect/no etiquette].”
Kunesisho kulimi leswi-Urdu esihamba kanje: “Umuntu onenhlonipho nguye onenhlanhla, kuthi lowo ongenanhlonipho, nguye ongenanhlanhla.”
Ubufakazi obuningi empilweni buyakhombisa ukuthi abantu abafunda bagogode ilabo ababehlonipha othisha nabafundisi babo nabadala kunabo. Ubufakazi buyaveza futhi ukuthi labo ababe ngakhombisi nhlonipho, nakuba babe nobuhlakani obanele futhi benamandla okufinyelela kumazinga aphezulu, abazange baphumelele futhi abafinyelelanga kumazinga okwakufanele bafike kuwona.
U-Imaam Abu Hanifa [rahmatullahi alayh], owayeyisazi se-Deen futhi owayaziwa ngezinga lakhe eliphezulu lokukhombisa inhlonipho kulabo ayeseduze nabo nalabo ababe ngekho eduze naye wake wazwakala ethi, “Angiyiluli imilenze yami ibheke ngase ndlini yomfundisi wami u-Imaam Hammad ngenxa yokumhlonipha kwami. Nakuba kwakunemigwaqo eyisikhombisa phakathi kwendlu yami neyakhe.”
“Angikhoseli phansi kwesihlahla ngingakhulumanga nomnikazi waso kuqala, ngokuzama ukuzivikela emvuleni noma ngithole umnthunzi.” Base bembuza ayekade enabo ukuthi ngabe kubaluleke ngani lokhu? Waphendula wathi, “Angicabangi ukuthi kuyinto elungile ukuthola umthunzi phansi kwesihlahla ongazange ucele imvume kumnikazi waso, ngiyothini ngosuku lokuvuka uma sekufanele ngikhokhele ukunethezeka kwami okwalethwa umthunzi wesihlahla esasinomnikazi engingacelanga mvume kuyena.”
Mihle ngendlela eyisimanga imiphumela yenhlonipho, kanjalo futhi ukungabi nanhlonipho kunemiphumela eminingi engemihle.
Ukungakhombisi nhlonipho kuhlamvu lokudla noma iconsi lamanzi kunomthelela omkhulu ongemuhle ongaholela ekunqanyulweni kwezibusiso kumuntu, izibusiso ezivela ku-Allah.
Lokhu okulandelayo kungezinye zezinto ezibalulekile ezidinga inhlonipho ekhaya le-Muslim:
UKUHLONIPHA ABAZALI BAKHO [Respect for One’s Parents]
Kwisikhathi sanamuhla kuyacaca ukuthi izinga lokuhlonipha abazali nabantu abadala lehle ngendlela eyisimanga. Nsuku zonke, kunezinto ezibikwayo ezikhombisa ukuthi izinga lokuhlonipha abazali nabantu abadala lehle ngokuthusayo. Abazali nabantu abadala kuningi okubi okwenziwa kubona okunjengalokhu okulandelayo:
• Abazali abakutholi ukuhlonishwa okufanele ezinganeni abazizalayo.
• Abazali bayathethiswa ngesankahlu izingane abazizalayo.
• Abazali abakutholi ukunakekelwa ngendlela ezinganeni abazizalayo.
• Abazali bayaphucwa imali yabo izingane abazizalayo.
• Abanye abazali bayabulawa izingane abazizalayo.
• Kuningi esingakusho okubi okwenziwa izingane kubazali bazo nakwabanye abantu abadala.
Akesizwe ukuthi i-Kur’an ithini ngaloludaba, “Ungake uthi ‘nxa’ kubazali bakho, ungabathethisi, khuluma kahle nabo ngendlela enenhlonipho.” [S: Bani Israeel V:33]
Ukuphimiswa kwegama u-‘nxa’ kulimi lwesi-Zulu kuchaza ukuthi lowo muntu uyayichitha into eshiwo omunye umuntu noma akavumelani nalokho okusuke kushiwo omunye umuntu. Yingakho u-Allah esiyala ngokuthi singake silinge siphise amazwi angemahle kubazali bethu. Sicela ukuthi u-Allah asisize ukuthi singabi emshungwini wabantu abangahloniphi abazali babo nabantu abadala.
UKUHLONIPHA I-KUR’AN [Respect for the Qur’an]
I-Kur’an ingu-Mbhalo ne-Sambulo sika-Allah, ngakhoke idinga ukuhlonipheka okusezingeni eliphezulu. Phakathi kwezenzo zenhlonipho ezidingwa i-Kur’an ilezi:
• Ukuyifunda ngenhloso yokuqonda umbiko wayo.
• Ukuyihaya [recitation] nsuku zonke uma kungenzeka, noma izinxenye ezithile zayo.
• Ukwenza lokho okushiwo i-Kur’an.
• Ukuyibeka ngendlela nasendaweni efanele.
• Umbhalo we Kur’an akufanele ubekwe ngaphansi kwenkaba kulowo osuke eyiphethe.
• Izingane zesikole akufanele zifake ama-Kur’an kobhaka babo bese bebashwiba emihlane yazo.
• Umbhalo we-Kur’an kufanele umbhozwe kahle futhi uphathwe ngasohlangothini lwesokudla.
• Umbhalo we-Kur’an kufanele ubekwe endaweni ephezulu ngaso sonke isikhathi.
• Umbhalo we-Kur’an akufanele nangengozi ukuthi ubekwe phansi. Uma uwela phansi ngephutha kufanele ucoshwe ngokushesha.
• Ukungahloniphi umbhalo ka-Allah we-Kur’an kunciphisa izibusiso ezivela ku-Allah futhi kuletha namashwa anhlobonhlobo.
Lokhu okungenhla kusebenza ngokufanayo nasezincwadini nemibhalo ekhuluma nge-Islam nenamagama ka-Allah. Kumibhalo eminingi yama-Muslim enamagama ka-Allah, amavesi e-Kur’an, kanye namagama ka-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye. Lemibhalo akufanele ibekwe, ilahlwe noma ikanjani.
Kufanele kubekhona ibhokisi elingabangu size we-A4 lapho kuzobekwa khona yonke imibhalo yaloluhlobo. Uma esegcwele lamabhokisi angagqitshwa noma ashiswe. Konke kwenziwe ngendlela enenhlonipho. Uma uthanda ungaya kwi-Masjid eseduze ufike uyishiye khona lemibhalo umu ungasayidingi. Kuno-Mhlonishwa [Hadrat] owayebizwa ngokuthi u-Bishr Haafi owayeyindela elungileyo [Saint], okubikwa ukuthi wehliselwa isibonakaliso esithile ngenxa yenhlonipho ayikhombisa mhlazane ebona iphepha linombhalo ka-Allah liwele phansi wase uyalicosha.
INHLONIPHO YE-AZAAN [Respect for Azaan]
Uma kuzwakala imbizo ye-Azaan kufanele wonke umuntu ekhaya ayeke konke akwenzayo, awukho nowodwa umsebenzi ngokubaluleka ukudlula imbizo ka-Allah. Ngakhoke i-Azaan ichaza ukuthi shiya phansi konke okwenzayo uthule, ulalele i-Azaan. Wonke umuntu kufanele ananele okushiwo i-Azaan ngokuphinda amazwi e-Azaan. Uma kuphela i-Azaan kufanele umuntu enze isinxuso [du’a].
Ukuqhubeka nokukhuluma ube uyizwa kahle i-Azaan imemeza kwi-Islam kuthathwa ngokuthi kwiyisenzo sokungahloniphi. Kwenye yama-Haadith ka-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, uthi, “Abantu abaqhubeka nokukhuluma izinto zomhlaba noma baqhubeke nokwenza eminye imisebenzi kodwa beyizwa i-Azaan ibizwa, mhlazane bedlula emhlabeni u-Allah uyobakhethela indlela enesihluku ekufeni kwabo.” Siyacela u-Allah asivikele futhi kuthi mhlazane sidlula emhlabeni singabi nazinkinga ekuphumeni kwemiphefumulo yethu. Aameen.
Okunye okwashiwo ngu-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, “Kunabantu abayobekwa kwizinga eliphezulu emhlabeni ozayo ngenxa yokuthi babeyihlonipha i-Azaan.”
INHLONIPHO KULABO ABASISIZAYO EMAKHAYA [Respect for Domestic Workers]
Labo abangabasizi [helpers] emakhaya ethu nabo bayadinga ukuhlonishwa. Ezinye zezeluleko zo-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, asishiyela zona ileso sokuthi abasisizayo emakhaya asibaphathe kahle futhi sibanike izimfanelo zabo ezinjenge miholo eyanele, ukudla okufanele, isikhathi esanele sokuphumula nokunye okungase kubajabulise.
Umhlonishwa u-Maulana Ashraf Ali Thaanwi [rahmatullahi alayh] wayevame ukuthi kungenzeka ukuthi sithenge isikhathi sabo, nokusebenza kwabo [abasizi emakhaya ethu] kodwa asikwazi ukuthenga inhlonipho yabo. Abantwana bethu abafundiswe ukukhuluma nabasizi bethu ngenhlonipho. Kwezinye izikhathi uthola umntwana ebiza umama omdala ngegama, lokhu ukungahloniphi okukhulu.
Uma kufika umsizi omusha ekhaya lethu qala ngokumbuza ukuthi ungubani wakwabani nanokuthi yena uthanda ukubizwa ngaliphi igama, uma kusewumuntu omncane. Uma kungumama oganile mhlawumbe singambiza ngesibongo sikamkhwenyana wakhe, njengokuthi, umam’Bhengu, umam’Chiliza, umama’Mthembu, njalonjalo. Kuwukungahloniphi ukubiza umuntu ngegama lakhe uma eganile noma eganiwe.
INHLONIPHO KOMAKHELWANE [Respect for Neighbours]
Ubufakazi buyaveza ukuthi impilo ingaba engcono kakhulu uma abantu bengaqikelela ukuthi amalungelo omakhelwane ayagcinwa. Uthola ukuthi kunemizi emibili eyakhelene kodwa akungenelwana. Ilo makhelwane usho okuthile okungekuhle ngomakhelwane wakhe. Nalona omunye umakhelwane usho okuthile okungekuhle ngalomunye umakhelwane. Into othi uma uyibheka isisuka sengxabano sayo ubone ukuthi kuyinto edinga ukuthi kuhlalwe phansi ikhulunywe. Inkinga ibasekutheni akekho ofuna ukuzehlisa uma kungukuthi iphutha laqala ngaye.
Kunenkumbula yama-Haadith o-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, akhuluma ngokubaluleka kokuhlalisana kahle nomakhelwane wakho kanye nokugcina amalungelo omakhelwane. Singama-Muslim asizijwayeze ukuthi singazitholi sisemaphutheni ahlukumeza omakhelwane bethu.
UKUHLONIPHA UKUDLA NOMA IZINTO EZIDLIWAYO [Respect for Food]
Kunezindathane [bounties] zezinto u-Allah asibusise ngaso siyi-Sintu okubalwa kuzona ukudla namanzi. Nakuba kunjalo kunezinkulungwane zabantu emhlabeni wonke jikelele ezingakutholi ukudla okwanele, futhi kunenkumbula yabanye abalala bengadlile. U-Allah usinike umhlaba onodedangendlale bendawo okufanele kulinywe kuyona ukuze kukhiqizwe ukudla. Akufanele kube khona ukuncipha kokudla ngendlela umhlaba omkhulu ngayo futhi okungalinywa izinhlobonhlobo zezitshalo.
Kodwa ngenxa yepolitiki egwegwile esebenzayo emhlabeni kunezinhlangano nezinkampani ezinkulu kakhulu ezidabuka emazweni ase-Nthonalanga abanohlelo lokunqinda amandla abalimi ngokuthi batshelwe ukuthi abangadluli kumkhawulo othile womkhiqizo wokudla. Isizathu sokwenza lokhu ukuthi kubelula ukunyusa amanani omkhiqizo wokudla. Ngaleyo ndlela bese kuthi abantu abampofu kube nzima kubona ukuthola nokuthenga ukudla okwanele.
Nakuba isintu sinokona okuxakile kepha u-Allah Subhana wa Ta’ala akasidubile, ubufakazi balokhu ukuthi imvula iyatholakala ngezikhathi eziningi okuyiyona enothisa umhlabathi ukuze isintu sikwazi ukutshala.
Umhlonishwa u-Munshie Saahib [rahmatullahi alayhi], omunye wezindela ezicwebile [saint] wathi, “Isizwe esingakuhloniphi ukudla namanzi lesosizwe ngeke sithuthuke.” Ngeshwa, esikhathini esiningi ukudla kuyamoshakala futhi kuchithwe emigqomeni kube kunabantu abangasizakala ngalokho kudla.
Izinkulungwane zamalitha amanzi ayamoshakala ngenxa yobudedengu babantu ngesikhathi bengayivalisisi kahle imimpompi. Kunesikhathi esingekude kakhulu lapho abantu babethi uma sebeqedile ukudla baqoqe izinsalela zokudla bese beyopha izinyoni ngaphandle noma izinja namakati.
Enye indlela ukuthi ukudla okusalile kufakwe kwezinye izitsha bese kuyabekwa kuphinde kusetshenziswe ngelinye ilanga. Uma kutholakala ukuthi ukudla okuthile akasekho umuntu ozimisele ukukudla kungcono kuqoqwe kunikezwe izilwane noma kuphiwe izinhlanzi emifuleni kunokuthi kuvele kufakwe emigqomeni. U-Mphrofethi u-Muhammad, u-Allah ambusise nothula kube kuye, wathi, “Ngisho uhlamvu lokudla, liwela phansi noma emhlabathini, kufanele ulicoshe bese uyaliphephetha, uthi ‘Bismillah’ bese ulihlanganisa nokunye ukudla noma ulifake emlonyeni.” Ukudla okuwele phansi emhlabathini akulahlwa.
IMBANGELA YOKULAHLEKA KWENHLONIPHO [Reasons for the Loss of Respect]
Enye yezimbangela ezinkulu zokulahleka kwenhlonipho ukusabalaliswa kwenqubo-mpilo [way of life] yamazwe ase-Ntshonalanga. Lokhu kusabalaliswa kakhulu kwizinto ezifana nama-TV, nasezithombeni ezinyakazayo [movies], amaphephandaba, ama-cellphone, nokwanda kwezithombe ezikhombisa abantu benza ucansi, nokunye okuhlobene nalokhu. Lokhu ikona okuyimbangela yokuwohloka kwezimilo nokulahleka kwenhlonipho kubantu, kakhulukazi ezinganeni zethu.
Ngakhoke, kusho ukuthi okunye kwalezinto kufanele zisuswe emakhaya ethu nasezimpilweni zethu. Esikhathini esiningi asandise inqubo-mpilo [Sunnah] yo-Mphrofethi u-Muhammad, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, nama-Sahaabah [u-Allah ababusise bonke] nabantu abalungile asebadlulayo ababizwa ngama-Akaabir. Uma izingane zethu zilahlekelwa inhlonipho nathi sizoba izisulu zaloko kulahleka kwenhlonipho ngokuthi u-Allah asidube. Futhi ngeke kube lula ukuthi sihlehlise noma siguqule leso simo. Sicela u-Allah asivikele, asigcine sikwi-Islam, futhi asinike amandla okuthi senze lokho okushiwo ku-Mbhalo Wakhe we-Kur’an. Aameen.