Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

UKUZILA (FASTING)

suam web

Click Here To Download Fanfold

Click Here To Download Booklet

Ukuzila ngenyanga ka-Ramadhaan kungenye yezinsika ezinhlanu ze-Islam. Kuphoqekile ukuba amaMuslim esilisa nawesifazane asethombile azile. Ukuzila kwama Muslim kuhlukile ekuzileni kwamanye amabandla.

U Allaah Ta'aala wethembise izibusiso ezinkulu kulabo abazilayo, nesijeziso esibuhlungu kulabo abangazili. Ukuzila kunosizo oluningi empilweni kanjalo nasemphefumulweni. U Allaah wenze ukuzila kwaba yimpoqo ukuze sibe nokholo nokumesaba kweqiniso. Kwi Islam ukuzila kusho ukugwema ukudla neziphuzo, nokubhema kanjalo nokuya ocansini kusukela kusempondozankomo, kuze kuyoba sekushoneni kwelanga. Konke lokhu kwenziwa ngenhloso yokuthokozisa u Allaah nokuzuza lonke uhlobo lwesibusiso u Allaah alubekele lowo ozilayo.

Okunye okumele singakukhohlwa yiko ukuthi u Allaah unobubele. Akabacindezeli abagulayo, abadala nalabo abasohambeni olude. Akuphoqelekile ukuba bazile, kodwa bangazikhokha lezi zinsuku abangazizilanga lapho sebengcono noma sebeluqedile uhambo.

Lokho okungenziwa wumuntu ozilile

  • Ukungakhulumi kungenasidingo
  • Ukungahlambalazi
  • Ukubekezela
  • Ukungaqambi amanga
  • Ukungahlebi
  • Ukugwema ukuxabana nabantu
  • Ukugwema ukuthuka inhlamba.
  • Izibusiso kanye nemivuzo yokuzila

U Hadhrat Abu Hurairah (umusa ka Allaah ube kuye) ubika ukuthi uMphrofethi (ukuthula kube kuye) wathi: “Uma kufika inyanga ye Ramadhaan iminyango yeZulu iyavulwa, bese kuthi eyesiHogo iyavalwa, oSathane baboshwe, neminyango yomusa ka Allaah ivulwe.”

UMphrofethi uMuhammad (ukk) wathi: “Iphunga lomlomo womuntu ozilile limnandi ku Allaah ukudlula elamakha e Musk.”

U Hadhrat Sahl bin Saad (umusa ka Allaah mawube kuye) ukuthi uMphrofethi (ukk) wathi: “ Ezulwini kuneminyango eyisi 8. Owodwa kuyona ubizwa ngokuthi yi Rayyaan. Kanti akekho umuntu oyongena kuwona ngaphandle kwalabo abazilayo.”

U Hadhrat Abu Hurairah (umusa ka Allaah mawube kuye) ubika ukuthi uMphrofethi (ukk) wake wathi; “ Lowo ophula ukuzila okukodwa ngaphandle kwesizathu, ngisho angazila impilo yakhe yonke, akasoze akwazi ukulukhokha lolusuku.”

U Hadhrat Anas (umusa ka Allaah mawube kuye) ubika ukuthi uMphrofethi (ukk) wathi; “ Yidla i Sehri (isidlo sasekuseni kusempondozankomo) ngoba inezibusiso.”

U Hadhrat Abu Hurairah ( umusa ka Allaah mawube kuye) ubika ukuthi uMphrofethi (ukk) wathi; “ Lowo ozila ngenyanga ka Ramadhaan ngenkolelo nangethemba lomvuzo, uxolelwa zonke izono zakhe ezidlulile, kanti lowo owenza umkhuleko ngobusuku obubusisekile ngenkolelo nangethemba lomvuzo, uxolelwa zonke izono zakhe ezidlulile.”

Nanka ama Sunnah okugcinwa yilowo ozilile

  • Ukudla i-Sehri.
  • Ukuvula ukuzila ngokushesha ngokushona kwelanga.
  • Ukuthandaza iTaraweeh umkhuleko wasebusuku.
  • Ukondla abampofu nabaswele nabalambile.
  • Ukufunda i Qur'aan ngokweqile.
  • Ukwenza i I'tikaaf e Musjid ngezinsuku ezili 10 zokugcina nge Ramadhaan.

Okubalulekile nokuyisifundo ngenyanga ka Ramadhaan wukuthi ukuzila yiyona kuphela indlela izicebi ezizwa ngayo indlala, yona engumngani wabampofu. Lokho kwakha uzwelo ezinhliziyweni zezicebi. Kunjanjo nje kuzenza zibe nozwelo olukhulu ngabampofu, bona abahlale beswele impilo yabo yonke. Futhi i Ramadhaan yenza abantu bacabangisise kahle ngempilo yabo lapha emhlabeni, nokuthi kuyobe kunjani ngoSuku LokwaHlulela lapho abantu beyobe bebhuqwa yindlala nokoma okuyisimangaliso.

“Ukuzila kuyihawu lokuvimba umlilo wesihogo nesiphephelo esiqinileyo ( esiyovikela ikholwa esijezisweni somlilo.” Sengathi u Allaah angasivikela sonke emlilweni wesiHogo. Ameen!

SENZANI E-DARUL IHSAN

Isikhungo sama Muslim enza imisebenzi ehlukahlukene

I Darul Ihsan yasungulwa ngoMasingana ka 2000. Lenhlangano ngeyama Muslim (NGO) eyaqala e KZN, nesitholakala e GP nase Kapa e RSA. Isebenza ukusiza nanoma ngubani, kungabe uyi Muslim noma akasilo ngokuthuthukisa nokusimamisa labo abangenawo amandla, nangokunye okuningi ngaphandle kwenkokhelo (Mahhala)

Leli Hhovisi linemikhakha eminingi yokusiza, njengokuxazululwa kwezinkinga ezifana nezemindeni, nokuphendula imibuzo emayelana ne Islam. Lixhasa nabafundi ngemifundaze, emabangeni aphansi nakwaphakeme.

Okuqavile ngalenhlangano wukuqwashisa nokwazisa abantu abangayazi inkolo ye Islam, ngokuthi iyinkolo yoxolo nomusa.

Lapha asichazi kuphela ngenkolo, kepha sibheka yonke into ephathelene nobuntu. Kunekomiti lokuxazulula impikiswano ngokwabiwa kwamafa, nezohwebo. Bonke abathintekayo bayahlanganiswa ukuba bamukele isinqumo sokugcina. Kukhona amakhalenda , izincwadi ezichaza kabanzi nge Islam, kanjalo nama PDF nama MP3 atholakala kwii website yakhona. Konke lokhu kuthalakala

MAHHALA

Ngamafuphi igama elithi IHSAN lichaza ukumazi uMdali, uMvelinqangi.

Login to post comments

Nisab

18/12/2025 08:00

- Mahr Fathimi: R54 623
- Minimum Mahr: R1 092
- Zakaat Nisab: R21 849
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com