Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

lnjabulo Engapheliyo Nevuso Elingenamkhawulo (Infinate Happiness)

infinate web

Click Here To Download Fanfold

Click Here To Download Booklet

Kungebemnandi ukuba seholidini kuze kube ungunaphakade? kungebemnandi ukuba kumgido wenjabulo kuze kube asisathandi? Awucabange ukuba nakho konke okuhle okutholakala emhlabeni ungazange ukujulukele. lolo suku luyeza, kepha kulawo madoda nabesifazane beqiniso abadlulile futhi beqa ekubeni ngabantu abajwayelekile ngokomoya wabo nokuziphatha kwabo. Labo impilo yabo engekho ngaphansi kwesisekelo sezimiso zesintu bayohlungwa kulabo abayongena kwimpilo nenhlalo yangunaphakade yokukhululeka nentokozo nenjabulo engenamkhawulo.

lsiqu somuntu senziwe ngomzimba nomphefumulo. kokubili lokhu kudinga ukunakekelwa ukuze ufike kwizinga elifanele ukuthi ube okungcono kunakho konke kwindalo. Ngakhoke uma sihluleka ukunakekela ngokufanele umzimba nomphef umulo, sizothola kunzima ukuphila impilo efanele ngesikhathi silapha emhlabeni bese kuthi okulandelayo sithole imizwa yethu isincika kuleyo ethi akube ngeyezilwane, okuholela ekutheni sibe nezinkanuko ezingapheli ezizokwenza ukuthi sibone ukuthi yizo okufanele sizigcine nokuzifeza ngaphezu kwezinqumo ezinhle ezithuthukisa izimilo. Yileli qulu kwisintu eliyoncishwa ngalolo suku ngenxa yokuhluleka kwalo ukuba yisibonelo esihle sokuba umuntu

U-Somandla Unobuhlakani Obungefaniswe Futhi NguYe Ophethe

U-Somandla Udale konke okukhona
okubonakalayo nokungabonakali emhlabeni wonke jikelele wase edala ukufezeka kwezidingo zakho konke okudaliweyo. Wadala uhlelo oluhle oluqiniseka ukuthi lezizidingo zifezeke noma zigcineke. Akagcinanga lapho Ubuye wanikeza iziyalo neziqondiso eziqiniseka ukugwcaliseka nokufezeka kwalezi zidingo.

Akesenze isibonelo, ngaphambhi kokuthi umiyane umunce igazi esikhumbeni, uqala ngokufafaza uketsezi oluthile oluthonya isikhumba nemizwa olwenza ukuthi umiyane uma esefaka izinzavulo zakhe emunca igazi kungazwakali kulowo muntu isikhumba sakhe esimuncwayo. Kuthi uma esesuthi bese lesithonyamizwa (anaesthetic) siyaphela, kepha emva kwalokho isikhumba sakho sibanokuncinza nokubaba ungabi nasikhundla. Buqhamukaphi lobungcweti obungaka? Lokhu kuyisidingo sikamiyane U­ Somandla asibekile kumiyane ukuze ukwazi ukuphila. Kunjalo kuyo yonke into ekwindalo inalokho okudalwe kwaba yisidingo kuyo.

Umzimba noMphefumulo kuhlukene

Umzimba nomphefumulo kunezimfuno ezihlukene kwaphela ngisho nezindlela zokufumana lezozimfuno zihlukene, zizimele futhi azihlobene. Akesenze isibonelo, U-Somandla udale indlala nokoma wabe esedala ukudla namanzi ukufeza lezo zidingo. Ukukhathala nokugula kudaliwe kepha ukulala nokuphuza imithi kudaliwe ukuthi akufeze lezidingo. Ukuze sinonophalise izidingo zomzimba kufuneka

sifeze lezidingo ngendlela thile, ngokudla, ngukulala, ngokuzivocavoca, njalo njalo.
Umphefumulo ngakolunye uhlangothi unohlelo oluhlukile kunalelo lomzimba uma kuziwa ekugcwaliseni izidingo zawo. lmisebenzi yoku khonza, ubumnene, ukuzinikela iyona engukudla komphefumulo. Ukuze ucebe futhi ugwilike kufanele ugcwalise izidingo zomzimba okuzoba isikhathi namandla ozowafaka kuhwebo nebhizinisi, okuyikho okuholela kwingcebo nempilo enhle.

Umphefumulo yiwo oqondisa amasondo

Umzimba uzwa konke okwenzeka kuwo kungaba ingaphandle noma ngaphakathi, kube nokuthokoza uma okwenzekayo kunomuzwa wobumnandi, noma ukukhala nokulila uma okwenzekayo kunomuzwa oletha ubuhlungu. Yonke lemizwa enhlobonhlobo ithumela ngemithambo yegazi engqondweni okwenza sibe nokujabula nokunama kwesikhashana. lnkinga ngokunama okudalwa umuzwa wobumnandi ukuba nesijwayezi kwako. Kuba njenge zinhlansi ezibhebhezela umlilo ovusa izinkanuko nezimfuno ezikumuntu ezikhwibila ukuthi afune okungapheliyo. Uma zondliwa izimfuno zezinkanuko, ziyakhukhumala ziphinde zikhwibile umzimba wonke nomqondo kungamelo olunjenge nxano elingacimeki.

lzimfuno zoMphefumulo

lsidingo sokuqala somphefumulo ukwazi
nokuxhumana no Somandla. Uma umphefumulo uvinjelwa ukuxhumana nokwazi ngo Somandla uba mubi kakhulu ngaphezu kwalowo wesilwane. Abantu uma benje kusho ukuthi bazicabangela bona bagijimele izinto ezidlulayo neziphelayo, ababi namsebenzi ngokhwakhiwa kwezimilo, nenhlalakahle yenye indalo abaphila nayo noma eseduze kwabo. ukuphuzwa koketshezi oludakayo nokusetshenziswa kwezidakamizwa kuba iwona mdlalo nezinto zokucitha isikhathi nesizungu.

lnhliziyo iba lukhuni ngalendlela yokuthi nokwanga umuntu kuba yinto enzima. lmiphefumulo inemizwa ezwa iminjunju yokudabuka nezinhlungu nemizwa yokusasa nenjabulo. Uma umphefumulo ulanjiswa kwizidingo zawo umuntu unokuqhubeka ezwa ukujabula kwesikhashana komzimba kepha lokhu akulethi injabulo yaphakade.

lnjabulo yeq1mso nokwaneliseka kuza kuphela uma umphefumulo ufunzwa lokho okudingwa yiwo. Uma umphefumulo ukwisimo esikahle ngokwe mpilo yawo uyakwazi ukuhosha ukuchuma nobugwili kwingcebo ka Somandla, kuvuleke iminyango ekhulula umuntu kunoxhaka nemigoga enhlobonhlobo umuntu azithola kuyo. Khuleka ku Somandla nzuku zonke ucele ukuqondiswa nokuba sendleleni eqondile neyiyo. Siphinde sifundise izingane zethu ukuba zibe kumkhuba nosiko lokukhuleka ku Somandla

Login to post comments

Nisab

18/12/2025 08:00

- Mahr Fathimi: R54 623
- Minimum Mahr: R1 092
- Zakaat Nisab: R21 849
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com