Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

Umculo Ekugcineni Kuvezwa Ubungozi Bawo (Music finally exposed)

Click Here To Download Fanfold

Click Here To Download Booklet

Ekugcineni Kuvezwa Ubuze boMculo

lngqondo yomuntu iyisizinda esilawula ukusebenza komzimba wonke kumuntu. lcubungula ulwazi olufika kuyo luza ngemizwa (senses) bese luyagcinwa. Noma yini egcinwayo ewulwazi ekugcineni iba ngenye yezigaba ezakha ubuthina. kunomahluko phakathi kolwazi olumayelana nesikukhumbulayo nalokho okugcina sekungubuthina (personality). lzinkumbulo (memories) zigcinwa emqondweni ngesikhathi ubuthina ngqo bomuntu buxhunyaniswa nomphefumulo wakhe.

Ulwazi oseluhlaziweyo okuyilo olwakha ubuthina lunomthelela omuhle noma ongemuhle kwinqolobane yolwazi. Thatha ikamelo elilodwa lokulala nesimo sobuthina esikulelo kamelo. Uma ikamelo lihlanzekile futhi liqholwe ngamakha anuka kahle, nobuthinangqo buzoba buhle futhi bube nokuthula. Kepha uma ikamelo lingenakuhlanzeka, nomoya ongemuhle kulo, kusho ukuthi singalindela ubuthinangqo obungenakuphumula futhi obubhavumula ngokushesha nangokucanulwa yize noma into engasho lutho. Abantu abaningi abanenkinga yolaka olusheshayo nokuba nokhwantalala, bayahluleka ukuthola noma ukubona impande nomsuka walobubi... umculo!

Ul<uhlanza lnhliziyo

lsango elikhulu eliya emqondweni yilokho esikubona ngamehlo. Noma yini esiyibona ngamehlo enyama inokunamisa futhi ilethe ubuhle noma ijabhise noma ibolise inhliziyo.
Uma sisebenzisa loluhlobo lomuzwa wokubuka ngamehlo ngokukhanukela ubuhle babantu esingaganene nabo, lokhu kwenza inhliziyo ibole, kusuke nobuhle esisebenze kanzima ukufinyelela kubo. Yingakho ukuxhumana ngokomshado kungubungcwele futhi kubalulekile. kuyasiphoqa ukuthi sihlale sikhombisa inhlonipho kulabo esiganene nabo, sibahloniphe ngokubabuka okunothando kunokuba singcolise izinhliziyo zethu ngoshevu wezinkanuko zokujeqeza labo okungekho ukuxhumana nabo ngokomshado.

INkohliso eza ngoMsindo woMculo

Umuzwa wokuzwa (sense of hearing) omunye wamasango aseceleni kepha aphakela ingqondo futhi ungezinye zezindlela ezilula eziphakela ingqondo. Abantu abaningi banesiphiwo sokukitaza abanye ngezithopho noma ngamazwi omunye umuntu athandayo ukuwezwa, kepha ngenhloso yokuzuza okuthile kuloyo okitazwayo. Ubuntungqo (personality) bomuntu bungenziwa bubenamandla noma bube buthakathaka, kuye ngokuthi imaphi amazwi asetshenziswayo. Uma kungamazwi okugqugquzela kusho ukuthi umuntu angakhuthazeka, uma kungamazwi anenhlamba noma anokubukela phansi kusho ukuthi umuntu angaphelelwa umdlandla abe nokudikibala. Ngabe umsindo womculo unamphumela muni kulowo ozwakala kuye?

IThonya eliNingi NgokweOile

Umculo uthumela umyalezo ngokuphindaphinda kuwo wonke umzimba, ofika ube nendawo ethile emukelekayo. kunokwenzeka sizwe umuzwa wenjabulo, ukudinwa, usizi, umunyu noma kuvuke imizwa yenkanuko. Kepha yonke lemizwa ingeyesikhashana ngoba akusiyo eyangempela, iyakhohlisa. Amandla anobungozi imizwa enayo ekushayeni ezinhliziyweni zethu buyingozi ngendlela yokuthi isimomuntu siyaguquka senze umuntu abemubi futhi abe nokunyanyeka ngokomphefumulo, futhi abe umdlwembhe nembhuka.

Konke lokhu kwenzeka ngaphandle kokuthi singakukhalima ngesizathu sokuthi ingqondo yomuntu ikwenza lokhu ngokumukela bese iyazihlaziyela konke okufika kuyo kuza ngemizwa (senses). Okuthusayo kakhulu amazwi asetshenziswayo kulomculo wanamhlanje. Amazwi athunaza abantu besimame nezinhlamba naqukethe ukuthi izingane nentsha ukuya kwabo ezikoleni kungukuchitha isikhathi, ukungabi nampokophelo yemfundo kuyinto enhle, futhi anikeza umqondo wokuthi injabulo isemalini, uma unemali uqedile nanokuthi isithunzi sakho sisekutheni ugqoka nhloboni yempahla. Amazwi avimbela izinhliziyo zethu zingaphokopheli imigomo (goals) yezinga eliphezulu njengokuganana kwakhiwe imindeni, ukuba nempilo engcono, ukukhula ngokomoya nokuthuthukisa izimilo. Lokho okwiyikho okulekelela futhi okuletha injabulo yeqiniso kuyazitshwa noma kuchithwe ngenxa yezizathu ezidalwa ukungqongqoza njalo emiqondweni yethu umculo oqukethe amazw anoshevu.

Ukujula BokuHlanya Obulethwa Umculo

U-MPhrofethi wohlelo lwe- Islam u­ Muham mad, ukuthula kube kuye, wayeqikelela ukugwema umculo wanoma iluphi uhlobo, wayeze avale izimbhobo zamadlebe akhe ngeminwe ukuthi kungangeni nomcane umsindo womculo. Kube kamumva lapho sesigcine sithola ukuthi noma ngabe asinakile ekudlalweni komculo, kepha ukufika kwawo emadlebeni ethu kunomthelela ongemuhle ezingqondweni zethu.

Umculo awuzange ube yimvelo kwisintu futhi wawunqatshiwe kumasiko amaningi ezizwe. Wawuyinto egwenywayo isikhathi eside kwaze kwathi ngalanga limbe abantu bathola sekuyinto ehehayo base bezama ukuthi ukusetshenziswa kwawo kube nomphumela omuhle kakhulukazi uma kunemigido yezenkolo nokukhonza. Kepha lokho okuqalekisiwe U-Somandla ngeke umuntu akwenze kube ngcwele! lsinengiso esinjalo siyisizathu esanele ukuthi asiziqhelise kuso kwasampela. UMphiku-Kristu obizwa ngokuthi u-Dajjal

uzosebenzisa umculo njengesikhali esibalulekile kuye ukudukisa isintu. U-Sathane oqalekisiweyo uzamile ukusebenzisa amaqhinga amaningi ukuthambisa izinhliziyo zethu ukuze kube lula ukuthi simukele u­ Dajjal/ UMphiku-Kristu uma esefika sizithole sesingabalandeli bakhe.

Ukuthola kabanzi ngalokhu nokuhlanjululwa kushevu ongene ngomculo ezinhliziyweni zethu, vakashela ku-

Login to post comments

Nisab

18/12/2025 08:00

- Mahr Fathimi: R54 623
- Minimum Mahr: R1 092
- Zakaat Nisab: R21 849
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com