U Hazrat Ibnu Umar ra uyabika ukuthi u Rasulullah SAW wath, ‘’ Umhwebi oli Muslim othembekile uyokuba nabafela iqiniso ngoSuku lwe Qiyamah.’’ [Ibn Majah, Mustadrak lil Hakim]
Isigaba sofela iqiniso siyaziwa nje kahle; uthethelelwa izono zakhe ngaphambi kokuba igazi lakhe liconsele emhlabathini. Lona wumvuzo omuhle wokuthembeka komhwebi okuyokwenza ukuba azithole kubantu abaphakeme ngo Suku lwe Qiyamah.
U Hazrat Anas ra uyabika ukuthi u Rasulullah SAW wathi, ‘’ Umhwebi oneqiniso uyokuba ngaphansi kwethunzi le Arsh ya Allah ngoSuku lwe Qiyamah.’’ [Targheeb wat Tarteeb evela e Isbahani, eDaylami]
Yilabo abayingcosana abakhethekile abantu abayokuhlonishwa ngethunzi ngaphansi kwesihlalo sobukhosi sikaMdali ngoSuku lwe Qiyamah, ngelanga okuyobe kunokushisa okungabekezeleki. Waze waba nenhlanhla lowomhwebi oyozuza lokhu kuhlonishwa ngobuhle bokwethembeka kwakhe.
Lobuhle buhambisana nezixwayiso kulowomhwebi ongathembekile.
U Hazrat Ubaid ibn Rifa’ah uyabika ngakuzwa kuyise ra ukuthi u Nabi SAW wathi, ‘’ Abahwebi bayokwenyuswa njengezoni ngoSuku lwe Qiyamah ngaphandle kwalowo owayene Taqwa - ekholiwe futhi eneqiniso.’’ [Tirmizi, Ibn Majah, Darimi, Musnad Ahmad]
Ukwethembeka, neqiniso, kanjalo nokuba nesifuba, umuntu kumholela ngokuhlonishwa emphakathini. Umvuzo wohwebo elineqiniso awunasikali kanti ubungozi bokungathembeki buyabhubhisa.
